Injongo yekomiti ukuhlanganisa kanye nokuqhubekisa ukusetshenziswa Komthetho Wokudiphositha Womthetho, ka-1997. Umsebenzi ongumongo wekomiti ukweluleka uNgqongqoshe nganoma yiyiphi indaba okubhekenwe nayo kulo Mthetho, ukwenza iziphakamiso kuNgqongqoshe ngokuphathelene nemiyalo uNgqongqoshe angayenza ngaphansi kwalo Mthetho, ukuhlanganisa imisebenzi eyenziwa yizindawo zokudiphositha komthetho, ukweluleka izindawo zokudiphositha komthetho ngokuphathelene nanoma yiyiphi indaba okubhekenwe nayo kulo mthetho, kanye nokumisa amakomiti angaphansi noma amaqembu okusebenza lapho kudingeka khona ukuphenya noma yiyiphi imisebenzi ephathelene nokusetshenziswa kwalo Mthetho.
Abakhethiwe kumele bamelele ababambi qhaza abanamakhono esigabeni somtapo wamabhuku kanye nokusizakala ngolwazi; isigaba sokushicilela; ukuphatha, ezezimali kanye nezezimakethe; kanye/noma ulwazi kanye/noma uthando kokushicilelwe kokudiphositha komthetho.
Noma ngubani ofisa ukukhetha umuntu ukuthi azosebenza kuKomiti Lokudiphositha Lomthetho kumele agcwalise futhi athumele ifomu lokukhetha elisemthethweni kuMnyango Wezobuciko Namasiko.
A: Incwadi enikeza amagama aphelele kanye nemininingwane yokuxhumana yomuntu okhethayo, echaza ukufaneleka kwakhe ukuthi aqashwe ngokulandela izici ezishiwo ngenhla, kanye namagama nemininingwane yamareferensi amathathu omuntu okhethwayo.
B: Incwadi yokuvuma ukukhethwa ebhalwe ngokhethiwe.
a Isihloko kanye namagama aphelele g Ulwazi olufanele ngezempilo b Inombolo yomazisi h Imikhakha yamakhono c Ubuzwe i Ubulungu kuzinhlangano, d Imininingwane ephelele yokuxhumana amabhodi njll.
Uyacelwa ukuba uqaphele ukuthi loku akukona ukukhangisa komsebenzi. Iholo yamalungu Ekomiti Lokudiphositha Lomthetho izawukhawuliswa ekukhokhelweni kwezindleko zokuhamba nokulala uma beya emihlanganweni kabili ngonyaka (ePitoli noma kwezinye izikhungo).
